Umhlaba uvungazela ngezingqungqulu

Spread the love

Umhlaba wonke usuvumile ngezingqungqulu zomaskandi. Lokhu kubonakala ngokubambisana kuka Shwi noMtekhala njengoba sebendlule ezimeni eziningi ezibuhlungu njengezinhloko zemizi, ngokushiywa ngabathandiweyo kanye nomndeni wabo. Uzokhumbula ukuthi Shwi washiywa umama wakhe kanye nomfowabo ngosuku olulodwa kanti Mtekhala yena walahlekelwa inkosana yakhe. Lokho kubenze bakobona kubalulekile ukubambisana namaciko kanye nabalandeli ngokusungula umasingcwabisane ozobalekelela ekufihlweni kwezihlobo nabangani. Kubonakalile ukuthi amaciko akithi amaningi awazibandakanyi nokuzihlelela ngokuthi bafihlwe ngesizotha kanye nenhlonipho.

Shwi noMtekhala Funeral Plan isungulelwe amaciko akithi, abathandi nabalandela umaskandi, izinsizwa nezintombi ezihlala emahostela kanye nesizwe sonke sakithi. Ngokubambisana nezinkampani ezithile ekufezeni leliphupho ezizodalulwa ngosuku lwe launch eBuyafuthi Hostel. Baqale ngokugcizelela ngokukhava bonke abangaphansi kweqembu Shwi noMtekhala, Hlanganani kanye nabaculi abambalwa abangaphansi ko Mzinyathi District lapho kusuka khona lezingqalabutho zakithi. Njengoba sazi ukuthi Umzinyathi District ukhava izindawo ezifana neDundee, Nquthu, Msinga njalo njalo. Leliphupho lomasingcwabisana lifezeke ngokubambisana nomphathi wabo Mnu Bongani Manyathi owayefisa futhi ebona izimo amaciko nabalandeli bakamaskandi ababhekana nazo ngokungazihleleli ngoba ukufa kungumakoti wemizi yonke.

Ukubeke kwasobala ukuthi abantu basemakhaya babona sengathi mawujoyina umasingcwabisane usuke zewuzihlelela ukufa, kanti akunjalo kuyisimo sonke esingasidingi kodwa ngempilo yomhlaba kumele sikwazi futhi sikulindele yize kubuhlungu. Abantu abahlala ezindaweni zasemahostela bangaphezu kuka 80-90%  bakithi abanganawo umasingcwabisane. Shwi noMtekhala Funeral Plan ihlose kakhulu ukuzobambisana nathi kulomsebenzi wabo.

Sincoma igalelo ngokubona umculo wakithi usungula izinto ezinjengalezi futhi kubonakala kuzoletha umehluko ezimpilweni zabantu bakithi. Sekukuningi abazibandakanye nakho okubalwa ukuba ngamanxusa baphinde bahlanganyela nabaculi bakithi. Singakhohlwa ngokuba ngelinye iqembu elingakaze sezwa ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabo noma izinkinga zihlezi zikhona kodwa ukubambisana kubaluleke kakhulu.