Kunesisho esithi ithalente liyokubeka kumnayngo wempumelelo kodwa, uqobo lwakho kanye nokuziphatha okuhle kuyokwenza ugcineke kwigumbi lempumelelo. Sonke sinamathalente ahlukile lokho okwenza omunye nomunye ahlale ekhethekile. UMdineka yinsizwa enephimbo elimangalisayo futhi elehlukile nelizwakala kamnandi, unezwi elinamandla nelingaphezu kweminyaka yakhe. Unekhono elimangazayo lokushaya isigcini, nangaphandle kwaloko uphinde abe ngumuntu ozithobile lokho okumsebenzelayo njengoba esendimeni yomculo kamaskandi.
Wazalwa: ngoZibandlela12, 1998, eMsinga, Kwa-Zulu Natali
USithembiso Allen Dlamini wazalelwa endaweni yase Ekhabeni, kwaKopi eNdungamazi, ezalwa ngu yise uNdabazabantu Cellbar Dlamini kanye no nina uLindiwe Maphumulo. USithembiso Dlamini, (20) waqala ukubona ukuthi unekhono kwezomculo ngenkathi eneminyakha engu (15) ube eseqala ukufunda ukushaya isigcini. Njengoba ezalelwae emdenini wabantu abaculayo, ube eseqaphele ukuthi uthando lwakhe ngomculo luyoneliseka ngokuthi angene endimeni yokucula abe ngumculi kaMaskandi.
USithembiso wayejwayele ukuphelezela ubhuti wakhe okungu Scebi Dlamini owaziwa nge Nkosi YamaGcokama uma beya eAmashinga Record Studios, nalapho ahlangana khona noThamsanqa Sibiya ongumsunguli no mphathi we Amashinga Record Studios.
UThamsanqa Sibiya wanikeza u Sithembiso ithuba lokuqopha kwinkampani yakhe ngonyaka ka 2018 kwathi ngawo lowonyaka wabe esethatha isinqumo sokuzibiza nge gama elithi uMdineka wakhipha necwecwe lakhe lokuqala elalithi uMafikizolo. Nangaphezu kokuthi wayesamusha endimeni yezomculo lokho akuvimbanga ukuthi icwecwe lakhe lithakaselwe ngabantu abaningi. Lelicwecwe lakhe lokuqala wayephinde acule ngokuhlanganyela kanye nomfowabo INkosi YamaGcokama kanye nePhakadelihle. Ngo Zibandlela 2018 uMdineka wakhipha iculo elisihloko sithi Ngisamangele.
UMdineka useke wacula ngokuhlanganyela noGolide engomeni ethi “Incwadi”. Waphinde wacelwa iqembu Abakithi ukuthi acule naleli qembu kwingoma ebizwa ngokuthi “Mama kukhona into oyenzayo”. UMdineka usebe yinxenye yamaicimbi eminingi kaMaskandi kanti useke wavele kumabonakude nase msakazweni. Icwecwe elesibili la Mdineka ulikhiphe ngo Ephreli 2019, nalapho ecule khona no Ngigakamahlalela Ndlovu , Inkosiyamgcokama no Songqongqo.