I Zyle Clothing igxile emiklambini yamasiko e –Textile njengedwangu yokugqoka , ingubo zokulala kanye nezingubo ezinithiwe. Kuyinjongo yami ukuqwashisa abantu abasha abasafufusayo nabezayo emkhakheni wokuthunga ukuze bazi imibono emisha bese bamukela isiko ngokusebenzisa imidwebo yalo.
Uhlu olusha lomkhiqizo wezingubo zamasiko selikhishiwe, isakhiwo sawo sisuselwa emlandweni wamasiko ase Ningizimu Afrika jikelele. Ukuchazwa kwezingubo kulandisa indaba ehlanganisa konke okwezemvelo, inhloso yalezembatho ukugqokwa ebusika uhlobe ufudumale ngesembatho eziqhakambisa isiko lakho. Lokhu kuzolekelela ekufundiseni isizwe kabanzi ngesiko laso, lezembatho ziyingqayizivele kwazise zinikeza ukuqondisisa kwemibala emihle yase Afrika .Izibopho ezimbalabala zingasetshenziswa emcimbini eyahlukahlukene singabala imembeso, umemulo kanye nokuhlobisa emcimbini yesintu. Osuke efake lesembatho uthoma umqondo wokuziqhenya nokuzigqaja ngesiko lakhe. Lomsebenzi usungulwe Phumzile Ntuli “osesithombeni’ edabuka eSwazini lapho kusagcinwa khona amasiko nomlando, usithembise lukhulu kuleminyaka ezayo njengoba elokhu eqhubeka njalo ethekela ulwazi futhi efundisa intsha yakithi ukuthi ikwasi ukuthunga nokuqondisisa isiko.

