Umculo yibhizinisi hhayi umdlalo wezinduku

Spread the love

Izikhathi sezajika, kanti lokho kubonakala ngokuguquka kwezinto ezinkampanini ezahluleke. Abantu besimame bayathuthuka kwezamabhizinisi, kanti futhi babonakala bethatha nezikhundla eziphezulu ezinkampanini. Yize lokhu kwenzeka ezimbonini eziningi, imboni yomculo kaMaskandi iyona engakaguquki kakhulu njengoba bengabaningi abantu besimame ababonakala bebamba iqhaza elibonakalayo. Lokhu, kwenziwa kakhulu wukuthi umculo kaMaskandi wesekelwe yinkolelo kwezamasiko. Yize kunjalo, iyodwa intokazi esizakhele igama kulo mculo. UZimdollar yintokazi enesithunzi, enogqozi futhi esizakhele udumo ngokuba wumsakazi kanye nomethuli wezinhlelo zikaMaskandi. Le ntokazi ihamba phambili ekwethuleni imicimbi kaMaskandi kanti ibonakala ithuthuka kakhulu kwezikaqedisizungu njengoba isingene nakwezokulingisa. Usesebenzisana nosaziwayo abafana noLeleti Khumalo (olingisa indawo kaMaZulu ohlelwini Imbewu (The Seeds ku -ETV) kanti okwamanje ungomunye wabalingisi abahamba phambili ohlelweni olusha sha iHostella. Ngo-2016 igama lakhe laphakanyiselwe indondo ye-Best Actress koweSabela Mabhunu Awards. Kulokhu sixoxa kabanzi nale ntokazi nothando lwayo lomculo wesintu.

Insika: Ngubani uZimdollar?

Zimdollar: Empeleni nginguZimiphi Happiness Biyela. Ngingumuntu okhululekile, umsakazi, umculi, umlingisi, isikhulumi eselulekayo futhi ngingusomabhizinisi.

Insika: Lwaqala nini uthando lokusebenza kwezikaqedisizungu?

Zimdollar: Uthando lokusebenza kule mboni lwaqala ngisafunda isikole. Ngisalingisa imidlalo yeshashalazi, kodwa ukusebenza ngokuqala ngesikhathi ngijoyina uMbongeni Ngema.

Insika: Ungomunye wabesimame abambalwa abethula izinhlelo zikaMaskandi nokuyindima egcwele abantu besilisa, ngabe kusho ukuthini kuwe lokhu?

Zimdollar: Kubonisa ukuthi akukho okungenzeki empilweni, noma ngabe ungumuntu wesilisa noma owesimame, ekugcineni, uma usebenza ngokuzikhandla, ubulili bakho ngeke bukuvimbe endleleni eya empumelelweni.

Insika: Yini eyakukhuthaza ukuba ube ngumlingisi?

Zimdollar: Ngikhuthazwa wuthando lokufeza amaphupho ami. Kusukela ngisemncane ngangazi ukuthi ngizovela kumabonakude.

Insika: Yiziphi izingqinamba ohlangabezana nazo kule mboni?

Zimdollar: Udumo okuyona into elula njengoba abantu becabanga. Ukungabinazi izimfihlo ngoba izintatheli zisuke zifuna ukutshela abalandeli bakho into abayithandayo, hhayi lokhu abadinga ukukuzwa. Abantu abasithukayo ezinkundleni zokuxhumana kanye nokungavikeleki. Njengoba nengoma kaMjikijelwa isho  ithi ” Ungafisi ukubayimi ” sihlezi sibekwa amabama.

Insika: Uyintokazi enamakhono amaningi, wenzenjani ukuhlela konke okwenzayo?

Zimdollar: Angilali ngoba umama wami wayenokuthi, “Uma uthanda ukulala, uzohlupheka. Hlala uvule amehlo uzokubona ukudla, kuningi!”

Insika: Ubani obukela kuyena nokukhuthazayo?

Zimdollar: USindi Dhlathu kanye noDudu Khoza woKhozi FM.

Insika: Yiziphi ingqinamba ezikhona emculweni kaMaskani futhi yini obona ingaba yisixazululo kuzona?

Zimdollar: Engikufundile wukuthi ikhono lokucula uzalwa nalo kodwa kumele usebenze kanzima ukuze ulicije. Abanye abantu kabanalo lelo khono futhi kabaziniki isikhathi sokulicija lelo khona ngokulolonga amaphimbo abo. Kodwa ngoba banayo imali yokungena esitudiyo. Sinaleyo nkinga kuMaskandi, baningi abaculi abasafufusayo abangenalo ikhono kodwa balangazelela udumo kanye nengcebo nokwenza kube nzima ukuthi sidlale umculo wabo emsakazweni.

Insika: Yini uZimdollar ayenzayo uma efuna ukuzijabulisa?

Zimdollar: Ngiyathanda ukuchitha isikhathi omndeni wami, sibuka amamuvi kanye nokubukela imidlalo yeshashalazi.

Insika: Yimuphi umculi kaMaskandi omthandayoS?

Zimdollar: UMgqumeni, yize engasekho emhlabeni kodwa angikamtholi ozovala isikhala sakhe.

Insika: Yiziphi izinto ezintathu ongakwazi ukuphila ngaphandle kwazo?

Zimdollar: Indodana yami, umndeni wami kanye nomakhalekhukhwini.

Insika: Yiziphi izeluleko ongazinika abaculi kanye nabathandi bomculo kaMaskandi?

Zimdollar: Umculo wakho yithuluzi lakho elingahle lixazulule izinkinga zakho zemali ngakhoke kubalulekile ukuba uwusebenzise njengebhizinisi hhayi inkundla yokuhlambalaza abanye.