UYAWAZISA UMNDENI WAKHE UMFOKA MGUBE

Spread the love

Sithole ithuba eliyinqayizivele lapho sixoxisana khona no Dubula Mbatha esithekela kabanzi ngengqlabutho esimkantshubomvu kulendima. Ekubalula nje ngokubambisana kwami neqhawe elingu Alie Mgube. Mina ngiqale ukubambisana no nalensizwa kusuka ngo 2013 kuze ngibe ngumlandeli omlandela ngeqiniso waze wangethemba kakhulu impela umlando wami no Mgube angeke ngalishiya ngaphandle igama lika Menziwa Biyela osengasekho emhlabeni ohambe esephethe yena u Alie Mgube kulomculo wesintu nabanye abaningi ekade ebafukula ukuze baphumelele.

Engingakubalula kakhulu ngo Mgube indoda leyana eyazi izindaba zayo ikakhulukazi masiya ngokomsebenzi into engiyifunde kakhulu njengoba ngangiwumlandeli wakhe waze wangikhuphula ngaba yinduna yabalandeli bakhe jikelele. Umuntu okwaziyo ukusebenzisana nabantu futhi umculo uwuthatha njengo mdlalo akalwi nomuntu emculweni, sizokhumbula phela ukuthi kade encokola ne Ndidane UMtshengiseni Gcwensa umdlalo wabo wabamnandi kakhulu kwaze kwafika izinsuku zakhe zokugcina  emhlabeni lokho okungabanga kuhle kithi njengabathandi nabalandeli bomsebenzi weGeza LakwaMgube ukushiwa Indidane emhlabeni ngoba sasithanda bencokola kumnandi kunjeyana.

Side impela isikhathi ekulendima yomculo unamaqembu awakhile amathathu (3) ngingabala IGEZA LAKWA MGUBE , AMA SAP kanye no MAQONDANA 10111 lawa amaqembu akhe yena siqu sakhe impela, AMA SAP asenamacwecwe angu 18 , IGEZA LAKWA MGUBE 8 bese kuthi OMAQONDANA 8  ukhipha unyaka nonyaka lokho ngicabanga ukuthi sekuyasiphoqa thina bathandi bomculo wakhe ukuthi simbize ngeqhawe lesizwe sonke ngamagalelo akhe asenawo kulomculo wesintu.

UMgube usakhe khona endaweni yakwa Maphumulo kwaJojingwenya usenaye umama kanti ubaba wandlula emhlabeni esemncane kakhulu, kodwa ngonkulunkulu wakhe wamkhulisa u Alie waze waba yindoda wasebenzela izwe lonke jikelele ngoba akasebenzeli abalandeli bakhe kuphela kodwa usebenzela izwe lonke ngoba akekho umuntu ongamazi kulendima ngamagalelo nezingoma ezingasoze zabuna kuphela njalo mayekhiphe umsebenzi obheke kubalandeli bakhe, wakhula u Alie emakhaya waze waya eGoli wasebenza futhi akaze akhohlwe umama wakhe ekhaya uMadladla kuze kube manje usamkhothamela umama wakhe ngicabanga ukuthi abaculi abaningi mabengabukeka kuye bengaya kude nempilo yabo ngoba wazisa ikhaya nendawo abuts kuyo.

Ngamandla abalandeli nabathandi bomculo usenemizi emibili eGoli endaweni yase Soweto eZola nase Braamfish kanti nase khaya wakhile kwa Gqilazumthakathi phansi kwaMaphumulo lapho azalwa khona,  unezingane indoda uqobo lwayo.

Mina njengo Dubula Mbatha engingakubalula ngalensizwa ngingathi ngifunde lukhulu kuye nokubambisana noMenziwa ikakhulu mudala kakhulu kodwa akakhethi umdala kangakanani umncane uhlale ekhothama kubantu uyamhlonipha omunye umuntu kumnandi kakhulu ukusebenza naye, indoda engenankinga umukela wonke umuntu.

Engizogcina ngalo nali igama ngicela abaculi bebonke bebambisane ngomculo kuyiwe phambili ukuze ungapheli lomculo wesintu mabehloniphana bebodwa abaculi nathi thina balandeni sokwazi ukubambisana kusetshenzwe kuyiwe phambili yikho kanye lokho esike sikukhuthaze njenge ALIE ENTERTAINMENT COMPANY umculo umdlalo lona.