Usephume elinye inxiwa Mashwabana.

Spread the love

Usekhulise umuzi kwezomculo ngokusungula elinye iqembu umfokaMbatha. Silindele icwecwe  lokuqala kaMaskandi elenziwa Mashwabana lapho ezidlalela khona isiginci kuyo ezibiza ngo “Shwabanisa” enezingoma ezilishumi kodwa usaphusha i single eyingoma ethi ISHA NESOBHO. Mashwabana osesebenze nabaculi abaningi kulendima kanti futhi waziwa kakhulu ngoMbhaqanga. Uthathe igxathu lokukhulisa igama lakhe ekwenzeni lelicwecwe lapho esebenzisana khona nezigqalabutho ezimkantshubomvu kulendima. Mzamo ongu njiniyela, Phathaphatha kwi Keybaord, Mzwandile Zuma ku Bass kanti umphathi uMadoda Mbatha  kwi company Amambatha Music Production. Uzihlanganisele wonke umsebenzi uShwabanisa lapho eziqalela khona aphinde azivumele ngokubambisana noThulani Mbatha.

Ongakulingela kuyo ushuni ongajwayelekile nezingoma zesigqi seReggei ezinomlayezo onohlonzo ekwakheni ikakhulu abasakhula njengabaholi bethu bakusasa futhi uthembise ukuthi ngeke awuyeke uMbhaqanga uzofela kuwo kodwa ngizokhipha uShwabanisa ngiphinde ngikhiphe uMashwabana. Lensizwa ezalwa kwaNongoma ithembise ukukhuphula igama langakubo iqhubeke njalo lapho kwagcina khona amaqhawe ngokwenza kahle.