UMLANDO NAMASIKO

Spread the love

Wethulwa: UMntwana WaseNjikini

ABAKWA MBATHA…

Bavela okhalweni lukaNdaba kaSotshikase owayenamakhosikazi amathathu. Inkosikazi endala yazala uMbeje uMampungose wazala uDladla kwathi uMantombela wazala uShandu. UMantombela wawudla umuzi ngoba wayeyitshitshi wazala iNkosana uShandu. UDladla waba yiphonsakubusa. UMbeje waba yiSokangqangi. Loluzalo beluseNhlazatshe  kuyoshaya eMthonjaneni. INdlu kaShandu yaziwa ngokuthi kukwaVezunyawo. UShandu kulendlu unananka aMakhosana . UShandu wazala uNkomo owazala yena uMatshana yena wazala uHlakanyana. UHlakanyana wazala uDilikana owaganwa uMntwana uSkhakha kaSenzangakhona owayengudadewabo weNkosi uMpande kaSenzangakhona. UDilikana wabulawa yimpi yakwaMandlakazi eyayihlasele ONdini ngoMasingana ka1883 zingamashumi amabili nanye, lapho iSilo sagwazeka khona eThangeni uCetshwayo kaMpande. UDilikana lona wafa kanye nendodana yakhe uSimukanaye .

USimukanaye washiya iNkosana yakhe uSicoco owazala uMhloluthini owake wabanjelwa uyise omncane uNqodi. UMhloluthini wazala uBizokwakhe noMathendelana, uBizokwakhe uzale uNqobizwe Lucky Inkosi esanda kukhokhama ngoMasingana Ka2018. UHlakanyane wayezele enye insizwa uLukhwabithi owazala uNhliziyo owazala uMakhubalo. UMakhubalo wayengenye yezinduna ezihlonishwa kakhulu  zeNkosi uMpande, kanti ikhona enye indlu yakwaShalaza eNhlazatshe ekaMbanjwa kaShandu owazala uMbudlele kanye noNomahawu. UMbudlele wabe  eyinkosana kulendlu waganwa umntwana uMamma kaJama owayeyiwele lomntwana uMkabayi.

Kwenye indlu kaShandu wazala uMashibha owazala uDlekezele uyise kaMaNyosi owayedume ngokudla imbuzi yedwa ayiqede aze  ehlise ngomhluzi wayo. Lomdlalo waze wafinyelela eSilweni uDingane kaSenzangakhona wayedamane ewenza nxa kufike izivakashi esigodlweni. Mhla uManyosi esebuyele ngakuMpande wahlamuka iSilo uDingane ,iSilo sathi Sobohla Manyosi ! Izinsizwa eziningi  zikaManyosi zasala nazo  empini kaMandlakazi noSuthu mhla uMandlakazi noNgenetsheni bevimbezele isigodlo. Kwasala  uMawana kaManyosi,uMnwana kaManyosi,uMelelesi kaManyosi,uMgulugulu kaMbovana kaNkomo no Xoshinyoka kaMbovana.

Izithakazelo ,Shandu kaNdaba! Ndabezitha ! Sotshikazi ! Owavimba ngezinkomo abafokazana bevimba ngezihlahla! Shandu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela uNdabezitha.Manyosi ! Dlekezele owaqeda intondolo yembuzi kusa ! Mgidi kaNkombana ! Mbeje! Dladla !