BEKUKUHLE KUDELILE

Spread the love

Kwaphuma nesinedolo sizozibonela mathupha kukikizwa lapho bekumbesa khona iciko  laseNquthu. UPhumlani Khumalo owaziwa kakhulu ngeleMfez’mnyama usethathe igxathu lokukhula abeyindoda emadodeni. Ezinyinsizwa sekuzoba nzima nokuthi zidle nawe esithebeni sinye kuleligxathu osulithathile lobudoda, phela ngeke usadla nabafana manje. Njengomculi osemncane siyakuhalalisela kakhulu ukuthi ungene kulesisigaba ukhethe ukuthatha ukuze nowakwakho ezohlonipha ikhaya ngendlela azombatha ngayo. Igxathu elithathwa ngamaciko akithi kubonisa ukukhula nokuhlonipheka kithi balandeli namaciko ngokubaluleka kwesiko lakithi KwaZulu.

Noma ngabe washiywa abazali usemncane awuzange ukuthwale ekhanda kodwa ukugcina usiko wenzele izingane kanye nezizukulwane zakho kuyancomeka. Lokhu okwenzile kuzogqugquzela amanye amaciko nabalandeli bakithi ukuthi indoda inhle ngezinkomo zayo futhi ukuganywa kulusiko. Thinandlu emnyama sithi halala [ Mntungwa, Mzilikazi kaMashobane ] uqhubeke njalo nokwenza izinto ezinhle. Miiiiiiilikihli!!!