Umlando na Masiko page 6 headline Umlando ngendawo yase (BABANANGU)

Spread the love

Babanangu. Babanangu yidolobha elincane elisendaweni engamakhilomitha angamashumi amahlanu nesishagalombili(58) eNhla neNtshonalanga yeDolobha lase Melmoth esifundazweni saKwaZulu Natal eNingizimu Afrika. Idolobha lase Babanangu lasungulwa ngoNyaka ka 1904 leligama laqanjwa ngenxa yomfula nentaba. UMlando waseBabanangu usukela eminyakeni edlule lapho uMfana omncane wakwaButhelezi wayelahleke eNdaweni nasemagqumeni akhona. Uma ecingwa lomfana omncane wase eyatholakala kwezwakala uMfowabo omdala ethi Babanangu UMfowethu. Indawo yaseMakhosini eseduze namagquma aseMkhumbane lapha ngaseMfolozi eMfuleni eduze nedolobha laseBabanango kwakuyindawo yeNkosi uDingane kaSenzangakhona futhi kwakuyisigodlo wakhe iNkosi uDingane. Lesosigodlo kwakuthiwa iseMgungundlovu. EMgungundlovu yilapho kwabulawa abelungu kanye no Piet Retire ngoNyaka ka 1938. Igama elithi UMgungundlovu lutho ukuthi yindawo yeNdlovu. Eduze nendawo yaseMgungundlovu kukhona indawo yase Makhosini. Igama elithi EMakhosini lisho ukuthi Indawo yamaKhosi. Ingxenye yeNdawo yaseBabanangu kwakuyindawo eyanikezwa Amangisi ayengabalimi baphesheya kwezilwandle yiNkosi uDinuzulu ngoNyaka ka 1885 ngenxa yokuthi abelungu ababengabalimi baphesheya kwezilwandle bameseka ngesikhathi eKhothanyelwe(Eshonelwe) UBaba wakhe ngoNyaka odlule uNkosi uCetshwayo. UNkosi uDinuzulu wayezwa yiNkosi uCetshwayo. INkosi uCetshwayo wakhothama ngonyaka ka 1884. Ise Babanangu hhayi eBabanango.