Bekusindwe ngobethole ngephasika

Spread the love

Bekusindwe ngobethole kuleliphasika ngamacwecwe kade shisa izikhotha ezimotweni nasemakhumbini ezindleleni sibhekemakhaya kuzozonke izinkalo zaKwaZulu nakwezinye izindawo. Kubonakala kundlondlobala ngempela ukwenza nokushiyane ekubhaleni nokudlala isiginci kuleminyaka. Kanti nokwenziwa kwezithombe zama CD kubonisa ingaphakathi ukuthi akudlaliwe kusetshenziwe kakhulu. Amacwecwe aphume ngephasika azokwenza kubenzima kubaculi abasalindele ukukhipha maduze. Basazobuyela studio mabengazithembi ngoba kubonakale izinga linyuke kakhulu. Bewuzwa ngapha nangapha kushintshana izinsimbi namaphimbo okukhombisa ukuthi bekumnandi kudelile.



Abafana BakaMgqumeni phansi eNquthu eMpofana baphinde benza lokhu abakwenyanzo ngecwecwe labo 6to6 kuleminyaka endlule lapho sabona bezibandakanya nabaculi abaningi ezingomeni ezahlukene. Nakulonyaka bakuphindile futhi lokhu basijabulisa babonisa ukuthi sihlangene siyaphambili noma sazi ukuthi emculweni wakithi amaciko abuye angiboni ngasolinye. Bakhohlwe ukuthi umculo uyibhizinisi hhayi umdlalo wezinduku. AMA SAP ezeLegend kuMaskandi Ali Mgube kuminyenujumo sizwa kunkeneneza amaphimbo ahlukene ezobambisana nengqalabutho yakwaMaphumulo. Kanti eMdletsheni Mthandeni kuphinde kwaba njalo futhi, njengoba ekubeke kwacaca ukuthi unkeneneza nje akadlile amanzi ezibongela. Yize isihloko singafinyelelanga kahle mawusibiza ngolimi lwesingisi kodwa umulayezo waso ngolimi lwesintu siwuhlaziye ngenyindlela. Kunabanye abaningi abakhiphile  abanze umehluko omkhulu.

Kulaviki aphelile sizwe okungajwayelekile ku Dr DSD (Khangelani) osephinde wenza njalo esethulela ukudla kwendlebe njengoba esegogodile wathwala izuqu kukhulu esikulindile kulensizwa yakwaMhlongo kwalaseNkandla. Kwazise maningi abanye amiciko esiwalindele maduze, sibala kuwo Mzukulu, Dumakahle,Inkosi YamaGcokama, Amabunjwa ezeMfezemnyama nabanye abaningi, sinethemba lokuthi izinga lengoma lizokhuphuka njalo masibuyela ngokwenzeke ngo Zibandlela.