UMenzi Mabizela odabuka eMnambithi ofike wangenelela kakhulu emculweni kaMaskandi ngekhono lakhe ngonyaka ondlule (2020) ngengona eyadlalwa kuzo zonke iziteshi zemisakazo ezisabalalisa umculo wakithi weSintu, kanti lengoma yakhe yadlalwa iphindelelwa sibala amatekisi, emahostela kanye nasezimotweni ezincwane. Ingoma yakhe “Umuntu Wakho” lapho ayehamba khona nentokazi esencane futhi engena kuzwakale ngephimbo layo elihlikile “uNdoni” odabuka maphakathi nesifunda saKwaZulu Natal eMelmoth.
Indawo yaseMnambithi uzokhumbula kuleminyaka eyendlule lapho kwakugiya khona kuqephuze insizwa esingasekho emhlabeni “ilale ngoxolo” uSandile Mbongwa wayesho engananazi ukuba ngengoma yakhe uwumele uMnambithi. Menzi usephinde wabuya futhi kulonyaka ngesikhathi esibi sobhubhane “ukhuvethe” ngengoma entsha ethi Mntanomuntu lapho ehamba khona noDokotela wompholisa nhliziyo kwezothando, mafuphi nje Dr Love uSjava okuyinsizwa edabuka Bergville kanti ingenise kakhulu emculweni we Hip Hop.
Lengoma iphume ngomhlaka 9 ku Augusti kanti futhi ishisa izikhotha. Izwakale emsakazweni omkhulu uKhozi FM okusho khona ukuba “bayayizwa induku”. Siphakamisa ukubonga uMasipala Alfred Duma ngokungenelela ekutheni imeseke ngokubona ukukhula kwesipho nokungenelale endimeni kaMaskandi. Ubusumthengela izinsiza kusebenza (Instruments) azomulekelela ukuba aqhube isiphiwo sakhe. Sibala kuwo iziginci ezimbili, keyboard, saxophones, violins nokunye okuxhumene nokwenza umculo ngokusho kuka ” umphathi we- Insika Yethonga” ophethe Insika Yethoka. Ngomhlaka ka 4 kuyo lenyangacyokwamukela ihlobo uMenzi uthembise ukukhipha icwecwe elisha Sha elizophuma nezinhoma ezilishumi (10) lapho esebenzisane nongcoti esebemkantshubomvu kulomsebenzi, sibala Scelo Hlongwane obedume kakhulu ngikusebenza neChalaha LikaShafuza “Mjik’jelwa” ongasekho emhlabeni esinethemba lokuthi ilele ngikuthula “”Inunu Emnyama kwabo”” waphinda wasebenzisana no Sjava wodomu lothando no Mroza Van Damme Fakude.
Sikhulume “nomphathi weNsika Yethonga” usihlebele ukuba uMenzi uhlela ukwenza umcimbi wokuthula lona lelicwecwe lakhe Elisha futhi kunezingoma ezintathu abazishuthela abalandeli bomculo kaMaskandi okuba bazithokozele. Ithimba lephephandaba Insika limfisela okuhle kodwa lomculi osafika kulomkhakha🙌🙏