by Sibusiso Khanye
Ingezo Yamabhinca Challenge ingomunye wemidlalo ehlanzekile eqalwe e-KZN lapho abantu begqoka izingubo ezihlanzekile nezimba eqolo njengezimbadada Brentwood no omega. E-KZN le midlalo ibekwe kwelinye izinga ngesikhathi idlala ngezimoto osekusetshenziswa amakhumbi.

UShova Lova uthathele izinyathelo izingane zesikole lapho ezama khona ukukhuthaza lezi zingane ukuthi zihlanzeke zisencane. Ingezo Yamabhinca izosiza lezi zingane ukuthi zizizwe zilingana ngokusekelwe lapho umuntu egqoke i-pullover yesikole noma ihembe elidinga ukubonakala lilingana ngokusekelwe ekuhlanzekeni. Uveze ukuthi ubonile ukuthi indlela abagqoka ngayo umfaniswano wabo ifana ncamashi neNgezo yamabhinca njengoba ethathe lesinqumo sokuxhumana nezikole zaseDaveyton wanikeza lezi zingane inkundla yokukhombisa ukuthi zizizwa kanjani ngenselelo yeNgezo yamabhinca njengoba zifike ngobuningi bazo ukuzobamba iqhaza.
Esephetha uthe lesi yisiqalo njengoba ezophatha elinye mhla zinga-10 kuNhlaba wezi-2024 eSigalo Park eDaveyton. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uxhase lo mcimbi njengoba ezama ukushumayela inhlanzeko ezinganeni zesikole aphinde azigqugquzele ukuthi zihlanganyele emizameni yamasiko. Badinga okuthile okungakhuthaza lezi zingane njengokuthola izindebe, amanani abawinile nezinye izimonyo ezengeziwe ukuze zigcine izinga lenhlanzeko.
“Lokhu kuzobasiza nokuthi bahlukane nezidakamizwa notshwala ngoba bazogxila ekuhlanzekeni nasekubeni izelamani ezingcono.
Ofisa ukweseka lolu hlelo angaxhumana neqembu leShova Lova ku-073 309 8801.