Songqongqo wavula iminyango evaliwe

Spread the love

Lensizwa yasuka ekhaya izophuthula izifundo zayo kwelinye lama College egoli elibizwa nge Central Johannesburg College. USabelo Ngubane owaziwa ngegama likaMashelela endimeni yomculo kaMaskandi odabuka Olundi, ngonyaka ka2018 wabenethuba lokuhlangana noMzo “Jaiva Zimnike” Khenyeza wamfundisa okuningi ngenhlanhla lensizwa iyashesha ukubamba kwazise ivelile nasewindini lesikole. Boqopha izingoma ezine waphinda waqopha eyodwa ingoma lapho edlalelwa khona isiginci uSongqogqo Khumalo okuyiyona ingoma eyangena yagxila enhlizweni zabalandeli nabathandi bomculo kaMaskandi. 

Icwecwe lakhe lokuziveza walidedela ngonyaka ka 2019 ngo Novemba wabizwa ukuba ezoxoxisana nabasakazi kuhlelo S’giya Ngengoma oKhozini FM lapho wezwakala emoyeni  wangena kanjalo kubantu. Lensizwa esifika kulomkhakha isibizwe emidlalweni eminingi ezonandisa futhi enzela ababukeli okuhle, sibala Impucuzeko Festival, ULundi Maskandi Festival, Mgruvo Music Festival me Tshatha Music Festival. UMashelela ungumuntu onomoya ophansi futhi ohlonipha kakhulu abantu kusho u”Vusi Shongwe”. Laphuma icwecwe lakhe lokuqala balithakasela abantu, waphinda wakhiphipha elinye ngonyaka ondlule ka (2020) lesihloko esithi 1-1 ” Aziyemashendeni” lapho asebenzisana khona noSongqongqo kanye noMzukulu. Umculo wakhe uyatholakala kuzozonke izitolo ezi online.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *